Wagcina kudala Nyambose

Wagcina kudala Nyambose

by Ntobeko Nkosi
Wagcina kudala Nyambose

Wagcina kudala Nyambose

by Ntobeko Nkosi

eBook

$5.00 

Available on Compatible NOOK devices, the free NOOK App and in My Digital Library.
WANT A NOOK?  Explore Now

Related collections and offers

LEND ME® See Details

Overview

Incwadi Iqwashisa nge GBV. UMthokozisi unguMmeli odumile ungowokuzalwa eShowe. Uganwe uSthombe uMaLuthuli. Unina uMaKhumalo ungumamezala oqotho kumakoti wakhe. Uzalo lakwa Mthethwa lune dimoni lokuhlukumeza amakhosikazi. Kazi uzomisa kanjani kulolukhondolo oluhlasela isibongo sakubo uMthokozisi. Endaweni yase Newcastle lapho asebenzela khona uyahlonishwa uNyambose. Unenkampani yabameli edumile iNyambose & Associates. Une ndodana ogama layo ngu Sizwe engazalwa uMaLuthuli. UNyambose uyindoda ethanda umkayo kodwa kuhambe kwahamba kwangena idimoni wathandana nomunye wabasebenzi. UMaKhumalo unina ka Mthokozisi wayesola ukuthi indodana yakhe khona esikwenza wayezibona izimpawu zokuqonywa.
UNyambose wayengathandi ukuba umkakhe azenze ebusweni, ukufaka izinwele ngisho indlela yokugqoka wayemkhethela. ULethiwe wayewudla umhlanganiso empilweni ka Nyambose ethola konke akufisayo. Baningi babengayithandi le eyenzeka phakathi kuka Nyambose no Lethiwe. ULethiwe wayezishaya isifuba ukuthi uNyambose uthi yena futhi wayenethemba ukuthi ngelinye ilanga kosala unkosikazi kushadwe yena.UNyambose ekhaya useyinto engasabambeki, yonke into eyenziwa umkakhe yayingamchazi. Emsebenzini ka Sthombe bayazama ukukhuluma bagudlise bezama ukubonisa uSthombe ukuthi umyeni wakhe uyamhlukumeza. Kazi Sthombe wabantu uzomisa kanjani njengoba uNyambose esephenduke ublesser.
Kuhambe kwahamba waqala waphakamisa isandla kumkakhe uNyambose. Kazi Sthombe awumbophisi ngani ngoba phela i GBV le eyenziwa uNyambose.Nalapho angafuni kuvele ukuthi ushaywe uyena. USthombe wayesidansela isiginci sika Nyambose se GBV engambophisi nokumbophisa.Emsebenzini into ka Nyambose no Lethiwe isiyinto engathi isemthethweni kanti qha. ULethiwe wazi ngisho amapin amakhadi ka Nyambose nasemsebenzini ushaya ngisho umthetho.
USthombe wayemvikela umyeni wakhe uma bemkhuluma kabi, wayehlezi embeka kahle eveza ukuthi uqothoWayesho khona ukuthi uthando nje kumyeni wakhe njengoba emnqabela kwakushayela kodwa lokhu.UNyambose umkhethela ngisho amasonto umkakhe, angiyiphathi eyokugqoka nokwenza ikhanda.UNyambose umbukela phansi uSthombe, ngisho ekhuluma into enomqondo uSthombe umenza inhlekisa. Uqale kancane uSthombe eshintsha efuna ukuzithola ayeke ukubuswa umyeni wakhe onenhliziyo embi kuye. Amaholidi zivaliwe izikole uSthombe utshela uMthokozisi ukuthi usayobabona kubo nase mzini. Esamangela uNyambose ukuthi kanjani ngaphandle kwakhe ngoba akakwazi ukushayela, abamlinde avale bahambe bonke, akangayingena leyo uSthombe. Ubonakala engena emotweni eyishaya izule iyongena uN11 uSthombe kude kude. Lokho kwashiya uNyambose emangela kubonakala ukuthi unemibuzo eminingi.UNyambose usele yedwa ufona efonile ukubabuza ukuthi bakahle yini.
Babuyile oSthombe emaholidini ,uthando luqale phansi ekhaya kwa Mthethwa. Kwangathi inkungu iyaphela ku Nyambose ushiye phansi umjolo ubuyele full time ukuba ubaba wekhaya. Kumuncu kwa Nyambose & Associates khona ababukana ngeziqu zamehlo. Kazi uLethiwe uzoyimela yini le yokwaliwa, ucabanga ukuthi uzohlala asonge izandla?Maye idliso kanti lino suku lokuphupha nalo? Nakho ke sikubona ngamehlo ku Nyambose. Usephenduke inhlekisa ehhovisi uLethiwe phela akekho ongaboni ukuthi uNyambose akasekho lapho. Uthi wawazi ukuthi uMphathi uyoke aphendule obe yintombi yakhe kube ngathi abazani.
UNyambose akasabambi kwazincingo zika Lethiwe, uma kwenzekile walibamba uyamphoxa. Ingabe lesi sisu sizoyibuyisa inyoni yamasi noma izondiza kakhulu?Uthi wawazi Lethiwe ukuthi uyoke uzwe amazwi athi I’m a family man ephuma kobe yisithandwa sakho.Cha akahlehli uNyambose ubheke phambili ukulungisa izinto nomndeni wakhe. Babuyile emaholidini oSthombe bafica uNyamboseebathanda ebabutha phansi. Kazi izozala nkomoni kuNyambose no Lethiwe.


Product Details

BN ID: 2940165924217
Publisher: Ntobeko Nkosi
Publication date: 08/24/2022
Sold by: Smashwords
Format: eBook
File size: 280 KB
Language: Zulu

About the Author

Ntobeko Nkosi umbhali osafufusa wase Ningizimu Afrika owuthisha ngoko msebenzi. Ushicilele incwadi yakhe yokuqala ngosizo lohlelo i-WritePublishRead olunganyelwe abashicileli bakwa Via Afrika. Uhlomlele isikole sakhe izindodo nezitifiketi kwi mincintiswano wobuciko namasiko ezingeni lesekhethi ne siyingi emkhakheni wokuqamba izinkondlo. Njengothisha wolimi uthuthukise abafundi ebacija kwi khono lokubhala nokwethula.

From the B&N Reads Blog

Customer Reviews